Жазылу
Shembe Ekuphakameni Media Siyababingelela abaNgcwele beNkosi yasEkuphakameni emagumbini omane omhlaba. Amen. Kuyintokozo enkulu ukwethula lesiteshi sika KZbin. Lesiteshi sisungulelwe ukusakaza iMikhosi, iziNtshumayelo kanye nakho konke okuphathelene neNkolo yeBandla lamaNazaretha asEkuphakameni. Bayanxuswa abaNgcwele beNkosi yasEkuphakameni ukuthi babhalise (Subscribe) ngaphansi kwalesiteshi khona bezoba ngabokuqala ukuthola okudla okumnandi kwakithi Ekuphakameni. Siyanxusa ukuthi sibambisane ngenhlonipho endaweni lapho khona siba nemibuzo, imibono nezimpendulo eziphathelene neNkolo yasEkuphakameni. Ngokubambisana okuhle luningi ulwazi abaNgcwele beNkosi abazolilithola njengoba sizobuye sikhumbuzane ukuthi afike athini amakhosi asEkuphakameni kuthina kusuka ekuqaleni: 1. INkosi uMqaliwendlea (INKosi Isaiah Shembe) 2. INkosi iLwanda (INKosi J. G. Shembe) 3. INKosi uPhasha onjengelanga (INKosi L. N. Shembe) 4. INKosi iNcoyincoyi (INKosi V. V. Shembe) Siyabonga INKosi inibusise. Amen!