Simphiwe Shembe Part 1

  Рет қаралды 4,178

Rev Mpanza NCG

Rev Mpanza NCG

Күн бұрын

Simphiwe Shembe
“Isiqalo siba sisha kwabanamehlo afinyeziwe, isiqalo esisha sisuke siyisikhumbuzo sesiqalo esake saba khona ngaphambilini. Isikhumbuzo sibuya uma abantu sebekhohliwe indlela endala ezale abakubonayo ngalesisikhathi. Abakubonayo kusuke sekukhungethwe imimoya eminingi eyahlukahlukene kepha eqhelelene kakhulu nokudala okwakunamandla nokuhlanzek’ okuphelele.
Okudala okwabuyela emumva ngoba sekufeze inhloso yangaleso sikhathi, kubuye kobekade ekuthumile ngoba kubona ababesosizini sebephumile. Kusuke kungazi ukuthi labo ababezotakulwa bazokhohlwa ilokho okudala okwabakhipha kulolosizi. Kusuke kungazi ukuthi kuzohamba bese kuyazisola ukuthi kwabakhiphelani osizini kwase kuqaleni.
Okudala kubuyela kumnikazi kujabulile, ukuthi nebala inhloso kuyifezile, kusuke kunetyhemba ukuthi abakhishiwe nebala bazosala bekukhumbula lokho, nesikhumbuzo nemibandela bayigcine. Bazokhumbula ukuthi kwakunjani kungakafiki Phakathi kwabo ngengelosi enamandla onke, ehamba nomnikazi wayo uqobo ekuyo.
Okudala kusuke kungakhonjiswanaga isigcino esisuke sibonwa umnini mandla wonke. Lengelosi iyaye imncenge izihlandla eziningana ukuba ayithume kwabasosizini, ukuba izotakula ikumoya ngokungena koyedwa wabo abe nguyena uMninimandla wonke Phakathi kwabasosizini.
Impela uNkulunkulu ugcina eviumile ngoba unguNkulunkulu onozwelo nomhawu ongathandi ukubona abantu abasosizini befakwa abanye. Akabe esayikhumbuza le ngelosi ukuhlangulwa kwakhe abasizile ngaphambilini. Abantu uyaye ababheke ngehlo lokuba basha ngoba basuke benjalo enyameni.
Impela kusuke kungebona laba abamhlangula nokukhala kwabo kuba kusha kuye nakulengelosi entsha kNkulunkulu oMdala wezinsuku. Bese eyayiythumela emhlabeni nenkemba engabonakali ngoba isuke iyizwe elibukhali elisika ndawo zombili emqondweni nasenhliziyweni zabasosizini.
Kuphela isikhathi le ngelosi ilwa izimpi engaziqalanga zabasosizini ezinganamkhawulo. Iqala ukulwa bengakazi ukuthi bayalelwa, kuhambe isikhathi bebone. Ekuboneni kwabo baye bajabulele ngaphakathi benzela isitha singaboni, isitha esisuke sibonakala sinamandla ngaleso sikhathi.
Bahleka bodwa bebabaze Amandla kaNkulunkulu akulengelosi esuke ihamba naye isenyameni. Ngempela ekugcineni banqobe bese beyatakulwa, baphuziswe namanzi into abangasayazi ebugqileni, baphuziswa amanzi okuphila. Bayasho nezibazi ezisenhliziyweni nezibonakalayo, iyaye ihlale Phakathi kwabo le ngelosi baze bawele.
Iphinde ihlale ize ibe nesiqiniseko sokuthi sekukude emumva ukuthi bengabuyela khona, sebephephe ngokwanele, uma sebefikile ezweni lesethembiso, nasemzimbeni sebephilile, nokuhle sekubehlele, bese ibuyela ngoMoya kuThixo lengelosi ishiye umzimba ethuneni.
Isuke ibuyelela ukuzozishaya isifuba kuloNkulunkulu ebekade ikuyo, khathi konke kwenzeka esemzimbeni womuntu. Isuke ijabuliswa ukuthi Baba iphinde yenzeka intando yakho, intando eyenziwe uyena ngengelosi abekade ehamba nayo enyameni yomuntu owaziwa ababeyotakulwa ngaleso sikhathi.
Emva kwesikhashana seminyaka engaphezulu kwamashumamane, kuba khona oyedwa noma ababili abathi bebeyilekelela le ngelosi, sebeyazi abantu bakhishwa kanjani osizini, sebengaziqhubekela, bebengayidingi kangaka le ngelosi ngoba amehlo abo ayakhumbula beqaqa amakitango obugqila belola nezikhali nempi kaMoya ngokwemfundiso yayo.
Lokho kwenziwa ubumnandi obusuke sebukhona, umculo, umdanso, nenqephu isuke isilawula injabulo emakhanda abo. Izithombe zosizi nobugqila, ziya ngokuya zifiphale ngenxa yokuhamba kwesikhathi bejabuliswa izinto abazenzele zona ezweni Elisha lokukhululwa.
Ukuzibabaza kuletha ithemba elibonakalayo mawala, nalo lelothemba liye lithembeke isikhashana lenzela ukuthi le ngelosi ize izinze ekhaya, bese bephinda beba bakhulu kakhulu abalimemile lelothemba.

Пікірлер: 3
@lizwishembe1113
@lizwishembe1113 2 жыл бұрын
Amen🙏🏽
@vikahmfeka
@vikahmfeka 3 ай бұрын
Eyi bafethu inamandla 🙏🙏
@nonhlanhlamngomezulu5486
@nonhlanhlamngomezulu5486 3 жыл бұрын
I love ministering angels God Almighty uses Angels and they cannot be bribed or populated
Simphiwe Shembe Part 2.
7:53
Rev Mpanza NCG
Рет қаралды 1,4 М.
Which One Is The Best - From Small To Giant #katebrush #shorts
00:17
小路飞嫁祸姐姐搞破坏 #路飞#海贼王
00:45
路飞与唐舞桐
Рет қаралды 26 МЛН
SISESIKHATHINI SOKUWA KWEBHABHILONI
1:14:07
Rev Mpanza NCG
Рет қаралды 541
Amazwi Alingana Nabantu
17:55
Simphiwe Shembe - Topic
Рет қаралды 1,3 М.
EZoNyazi eBuhleni
1:38
makhumalo makhathini
Рет қаралды 86 М.
ISambulo sika Lizwi chapter 54
9:23
Simphiwe Shembe
Рет қаралды 4,3 М.
Umshado wephutha
3:23
Siyanda Maphumulo
Рет қаралды 5 М.
Simphiwe Shembe Live @ Dbn Playhouse
7:51
Lizwi Shembe
Рет қаралды 28 М.
EKUKHOLWENI UNGAWAKHONZI AMAKHOSI AMABILI
1:19:52
Rev Mpanza NCG
Рет қаралды 679
ISambulo sika Lizwi- Chapter 55
7:51
Simphiwe Shembe
Рет қаралды 3,3 М.
Okwasekuqaleni Kubantu Abasha
18:23
Simphiwe Shembe - Topic
Рет қаралды 3,4 М.
ISambulo sika Lizwi chapter 30
7:07
Simphiwe Shembe
Рет қаралды 7 М.