Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo - Dr VVO Mkhize

  Рет қаралды 41,804

Ukhozi FM TV

Ukhozi FM TV

Күн бұрын

Ukhozi FM TV noSiya Mhlongo
Sithole ithuba lokukhuluma no DR VVO Mkhize ojwayele ukukhuluma kwi #IngonoYomsamu kuhlelo #Jabulujule olushayelwa uLady D.
UDr VVO Mkhize usichazela kancono ngoMsamo nokuThwasa.
Isingeniso:
Namhlanje siphila esikhathini lapho sekulahleke konke, nakuba saphucwa nathi saphinde sazikhumula sazishiya sinqunu, ngokwezindlela eziningi. Ukufa kwemindeni, izinkolo ezehlukahlukene, nezinkolelo - mfundiso ezaqhamuka ngapha nangapha. Lokhu kwenze ukuthi silahle Iziko Lomsamo, okuyindlela nempande esikhuliswe ngayo: ukhula kini yini lena ebekuthiwa iyisihluthulelo sempumelelo yalemndeni. Uma kwakucetshiwe kusengwa, kusiphuka iphunga lenyama eyosiweyo enye igxajisiwe, kwaphelelaphi. Asizibuzi lokho, kunalokho sesihambe sincela ezindengezini ezehlukene esesesizizwa ngendaba. Umsamo-ke lowo, ubuwena, umlando nomlandu nasebahamba.
Umsamo:
Uwena nenkaba ekuxhumanise nabakini, nezinye izidalwa zikaNkulunkulu. Isihonqo somthetho ka Jesu othi “wothanda umakhelwane njengelokhu uzithanda” sihonqe umthetho wesihlanu kaNkulunkulu: “yazisa uyihlo nonyoko khona izinsuku zakho ziyokwanda emhlabeni” Abantu basemandulo babazi kahle kamhlophe umuntu ungumuntu ngabantu, kungakho kwakukhona ukunanelana nokusiselana kungafanele kubekhona umuntu obukelwa ebhuqwabhuqwa indlala. Kwakunamalimo wonke umuntu ukuze ebusika akwazi ukudla okungenani imifino namabhece nesikhwebu sombila. Ubuntu bobuntu ngomuntu- UMSAMO kungukuxhumana namathongo, noMvelinqangi imbala.
Ukwenza lokhu kube lula kwakwakhiwa indlu okwabe kuthiwa ngeyabadala, lapho kwakuhlala khona zonke izinto ezazingamele umuzi: imikhonto, izikhumba, izimbiza, amacansi, kunendawo emuva nalendlu okwakuthiwa umsamo, kushiwo lapho kuxhunyanwa khona nabangasekho (Physical Manifestation). Ilento-ke okuthiwa Umsamo, esididayo okufanele siyichaze kabanzi kubalaleli, ngoba sebedidwe zinyanga nabelaphi bebatshela ngokungekhona okuzama ukungenisa imali ngendlela okungeyona.
Ukuthwasa
Lalithi ithongo uma lifuna ukubuyisa elalinakho emndenini okwabe kuyisikhwama sengcebo, lalithumela omunye wabo bese ezodumba omunye wenu kinina eniphilayo, bese engena kuyena bese simbiza ngeDlozi. Kulapho wayeboniswa zonke izinto nezindlela okufanele aqhube ngazo ukuze lowo obuyile asebenze. Babemthuma kumuntu, kokunye bamthathe bayomfaka esizibeni aphume esephethe konke kokusebenza. Nakhona kusebenza lokho wayeyalelwa yibona abamphethe abadala. Lokhu-ke kuxhumene kakhulu noMsamo, ngoba inhloso enkulu kusuke kungukubuyisa izinto zethongo elahamba abanguMsamo.
Kuyinkinga-ke ukuthwasa ngoba namhlanje sekuthathwa inanoma ngubani. Namhlanje wonke umuntu useyathwasa, nalokho kuthwasa kuthwaselwa into eyodwa: iba isangoma kumbe ungakuguqula ukwenze umthandazo kumbe ukuvale. Kunesidingo esikhulu sokukhuluma ngalokhu njengalokhu sekuhlukumeze abantu abaningi nezingane ezikoleni.
Ekugcineni kufanele abalaleli bazi yini UMSAMO, nokuthi kufanele uthwase uma kwenzenjani, izimpawu zakho zithini, ubona kanjani ukuthi ubizo lolu lweThongo neDlozi. Yini okufanele bayigweme bayigade kuzona zonke lezi zinto esezalahlekelwa isintu nobuntu bazo.
#UkhoziFmTV #UkhoziFM #IngonoYomsamu

Пікірлер: 51
Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo - Silo Samabandla
55:33
Ukhozi FM TV
Рет қаралды 162 М.
Umsamo Encounters   E7 - Imicimbi Yesintu
19:28
Umsamo Institute
Рет қаралды 83 М.
Сигма бой не стал морожкой
00:30
КРУТОЙ ПАПА на
Рет қаралды 10 МЛН
How Strong is Glass? 💪
00:25
Brianna
Рет қаралды 29 МЛН
String Competition for iPhone! 😱
00:37
Alan Chikin Chow
Рет қаралды 30 МЛН
UMLOZI NAMPHUPHA AKHONA NENZULU LWAZI YOMOYA SIPHAKELA ISIZWE
16:11
ISO LOMOYA TV
Рет қаралды 2,7 М.
Ukhozi FM TV: Professor VVO Mkhize
1:04:21
Ukhozi FM TV
Рет қаралды 50 М.
Ubizo Season4 Episode 12
22:53
MpokengPraise
Рет қаралды 51 М.
Umsebenzi wokufaka abantu abadala ekhaya
12:08
Umsamo Institute
Рет қаралды 206 М.
Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo - Sjava
1:03:23
Ukhozi FM TV
Рет қаралды 33 М.
Ubani nokuthi imiphi imimoya esiholayo?
13:38
Umsamo Institute
Рет қаралды 32 М.
Ingono Yomsamo Season 2
24:11
Daily Dose TV
Рет қаралды 17 М.
Episode 4 of Amaciko Podcast : Ngizwe Mchunu (Part 1)
41:28
Amaciko Production
Рет қаралды 5 М.
Сигма бой не стал морожкой
00:30
КРУТОЙ ПАПА на
Рет қаралды 10 МЛН