1. *Uma uphupha umuntu ekuqlekisa;* wuphawu oluhle oluvame ukusho ukuthi uzophumelela, futhi usimame uphinde ujabule naphezu kwezingqinamba ozohlangabezana nazo. Deuteronomy 23:5 Nevertheless, the Lord your God was not willing to listen to Balaam, but the Lord your God turned the curse into a blessing for you because the Lord your God loves you. 2. *Uma uphupha umuntu ekuqalekisa;* wuphawu oluhle uma ekusukela ekuqalekisa, lusho ukuthi khululeka, umsulwa, futhi uzophumelela ngoba akukho siqalekiso esizokulandela esingenasisekelo nakuba kunezimfamona ezikuzungezile. Proverbs 26:2 Like a sparrow in its flitting, like a swallow in its flying, so a curse without cause does not alight. 3. *Uma uphupha umuntu ekuqalekisa;* wuphawu oluyisixwayiso, nolusho ukuthi uzohlale udumele, udangele, ukhathazekile, futhi uphoxekile uma uqhubeka nokuthanda ukulalela abanye abantu. Ecclesiastes 7:21 Also, do not take seriously all words which are spoken, so that you will not hear your servant cursing you. 4. *Uma uphupha umuntu ekuqalekisa;* wuphawu olubi nolusho ukuthi uzokwehlelwa yizishayo, nezijeziso ezinzima uma uqhubeka nokuduka, ukuphambuka nokungahambi ngenkambo kaNkulunkulu, futhi wehluleka ukwenza intando yakhe. Jeremiah 48:10 “Cursed be the one who does the Lord’s work negligently, and cursed be the one who restrains his sword from blood. 5. *Uma uphupha umuntu ekuqalekisa;* wuphawu uma lomuntu umazi futhi ekhonza, olusho ukuthi usedukile, noma usephambukile futhi akasahambi ngezimiso zikaNkulunkulu kudingeka umkhulekise. James 3:10 from the same mouth come both blessing and cursing. My brethren, these things ought not to be this way. 6. *Uma uphupha umuntu ekuqalekisa;* wuphawu uma lomuntu ungamazi, olusho ukuthi kumele uqaphele futhi ukhuleke ngoba kunomuntu ofisa ukuthi ungabi nenqubekela phambili, ungaphumeleli, kepha uthwale kanzima empilweni.