Majaivane ephumela eshashalazini

  Рет қаралды 115,146

Ndo Media Productions

Ndo Media Productions

Күн бұрын

UMzovukile Khanyeza ophinde aziwe ngoJaiva Zimnike, udumo lezinsizwa nezintombi ezingenamona, wazakhela olukhulu udumo ngoshameni onenkosi phakathi esagida emaqenjini kaMgqumeni oze wahamba emhlabeni besazwana ngokuyiqiniso futhi esagida kuwo lamaqembu. Uma bekuyodlalwa uJaiva eseqhulwini belingekho iqembu ebelihlula iqembu likaMgqumeni nge-perfomance, ingakho aze wathola igama elithi "iBoss yasestage" ngoba cha uyasingamela I-stage. UJaiva kulesiqephu wethula enye yama-album akhe ebizwa: AMA-AK47 okungeyesibili eyikhipha ngaphansi kwe-company UKHOZI MEDIA okuyiCompany yokuqala esebenzela abaculi ngokuyiqiniso futhi esikhiqize abaculi abavelele abafana neGcokama Elisha. UJaiva kule-album ezophuma ngePhasika usebenze kakhulu, ngoba ukhiphe lonke ikhono analo kwezomculo kangangokuba yonke ingoma ekulelicwecwe iyithinta yonke inhlobo yemizwa; eyothando, eyentokozo, eyosizi njalo njalo... ngakho uma uwuthanda futhi uzigqaja ngomculo weSintu ungapholisi maseko shona esitolo somculo esifanele kuleliPhasika uzitholele icwecwe lama-AK47, uzizwele ingoma emnandi neculwe ngendlela enobuchule obuyisimanga. UJaiva indimeni yezomculo kaMaskandi usenzima kakhulu ngoba ezingoma azenzile kulelicwecwe zikhombisa okukhulu ukukhula futhi zonke izingoma ezakhe eziqhathaniseki nezamuntu ngenxa yezinga eliphezulu ezikulo, ubufakazi bayo yonke lenkulumo eshiwo ngenhla buqukethwe yilo lelicwecwe lama-AK47 esisazodalulwa isihloko salo, ngakho ungaziphuthiseli uma selisezitolo...

Пікірлер: 63
@lungelosiyanda2475
@lungelosiyanda2475 4 жыл бұрын
ozonda uJaiva enesono bakwethu#upm majaivana
@MandlaDubazane-in2rx
@MandlaDubazane-in2rx Жыл бұрын
Inhle into yenu banana.Qhubekani. Wena Jaiva. Ngyakubeka mina mfoka Dubazane uwena inkosi yomaskandi
@menzikhat695
@menzikhat695 3 ай бұрын
Ey Kade wayiqala Ngiga Arbiter
@malovanesbu1619
@malovanesbu1619 4 жыл бұрын
Inkosi yomaskandi Jaiva Zimnike 🎸 🎤 🌶 🌶 🌶 umsabu ungamazi kalakanteni kaxova mxovayo Mfoka miss ncepheli yaloyonto mfaduko emandixa 🎸 🎤 imishini emkhulu yaserashiya JZ #NGENDE ngiyakuzwa mina
@sizwedlamini64
@sizwedlamini64 7 жыл бұрын
inkosi yabashay beginci
@babalwamagodla604
@babalwamagodla604 4 жыл бұрын
Nyuka apho jaiva zimnike mfo kamise utisha ofundisa engafundile hallaalala bafo well done ngokwenzayo
@babalwamagodla604
@babalwamagodla604 4 жыл бұрын
Ave ndibathanda ke ngiga kamahlalela well done bomzala bethuna isibeleko sabazali benu sihle sheim intle into eniyenzayo
@cebohnzama5450
@cebohnzama5450 4 жыл бұрын
Nayishebeleza bafwethu u one loyo live up majongo
@siphelelentshangase3802
@siphelelentshangase3802 6 жыл бұрын
Ayi cha mina nje ngiyazifela ngo Jaiva webantu. Nokuba nje ecishe wangiphopxa Ngoziklume
@lindelaninkosi7226
@lindelaninkosi7226 9 жыл бұрын
Udumo lezinsizwa nezintombi ezingenamona umfoka Khanyeza, Cha nam ngizozitholela eyam noma kanjani !!! Isandla sendlula ikhanda #Salute
@sammydlamini907
@sammydlamini907 2 жыл бұрын
Majaivane
@lwazi2648
@lwazi2648 3 жыл бұрын
Mina ngphuma phansi le Nquthu ezidulini ngyakuvuma nkabi jaiva
@ntandazomrmlondleniza5604
@ntandazomrmlondleniza5604 4 жыл бұрын
ndiyamthanda madoda jaiva no ngiga niyathandwa e Eastern cape
@bhekukwenzangubane4442
@bhekukwenzangubane4442 6 жыл бұрын
Wadlala majaivana ninamazwi amnandi ninomza wakho 👌
@swelihlethusiswelihlethusi4038
@swelihlethusiswelihlethusi4038 4 жыл бұрын
Ai cha ngeke ubizo lokhona kwakhanyeza bomzala niphiwe kulento futhi kyathokozisa ukbona nibambisana ngethalente elihle kangaka mina sengifisa kunibona ku live angingabazi futhi nodla izinkunzi namakhosi akhona mpela angivamileke ukukhuluma into ingenzeki ngothi ngasho ai syabonga zinsizwa zakithi ukuhlezi niscabangela ngokudla kwendlebe okumnandi kangaka.
@thobelanibuthelezi1727
@thobelanibuthelezi1727 6 жыл бұрын
Kudlalwa ulive njalo lapho haiiii kuthiw kukhon abenza ngakho yin iphimbo nje
@TheBuhle2
@TheBuhle2 9 жыл бұрын
uOneeeeeeee (1) wemfana kwayisholo indidane. Ziyabuya la sengifisa ukuzizwa zonke lezingoma zeqhumane
@ntuthukokhanyile7592
@ntuthukokhanyile7592 9 жыл бұрын
Ayibonwa nje etolo zaseMpangeni kwenziwa njanike esimweni esikanjalo ewu siyancishwa la sengoyithola eThekwini dlala Jaiva zimnike dlala ngqino yemsakazo dlala 24 000 yezinsizwa nezintombi
@SYANDA_Nxumalo
@SYANDA_Nxumalo Жыл бұрын
Shayiwe
@sanelesiboniso5227
@sanelesiboniso5227 4 жыл бұрын
Dlala majayivana
@totosonto4041
@totosonto4041 5 жыл бұрын
dlala mfokamosi isikole sebhova khiphuka ngiga
@thembalenkosijazilomkhweny9335
@thembalenkosijazilomkhweny9335 9 жыл бұрын
Jaiva majaivana thina siyakwaz futhy unaso isipiliyoni salengoma......#liyajabul Ibhova makunje,,,!!!!!
@nomcebosabela7709
@nomcebosabela7709 4 жыл бұрын
Cha niyafana be ngithi nama wele 🙆‍♀️ngithanda ubunono benu zinsizwa keep it up
@lungishinga2847
@lungishinga2847 Жыл бұрын
Nasho nafana kuthi niyazalana wawu
@thembalenkosijazilomkhweny9335
@thembalenkosijazilomkhweny9335 9 жыл бұрын
Dlala mfana waseMsamo (eNquthu yodumo) liyathokoz ibandla kush' thina esingenamona.
@sinegugusane1840
@sinegugusane1840 6 жыл бұрын
Ngigcwele mina ngale zinsizwa uyashaya uNgiga mesekhuluma ngomubi mubi wakhe aaa umfoka miss isithandwa sami ngimthanda ukufa angikhethi ngoma kuye zimnandi zonke kimi
@malovanesbu1619
@malovanesbu1619 4 жыл бұрын
Slova's #ngende
@thembekamthethwa585
@thembekamthethwa585 8 жыл бұрын
wadlala Mzoooo...aish!!
@lungelosbhobo3245
@lungelosbhobo3245 9 жыл бұрын
ayyy akekhoo osazokhona ujaiva ngokudlala intambo bafabna bommlungu
@thobelanibuthelezi1727
@thobelanibuthelezi1727 6 жыл бұрын
Lungelo Sbhobo kunjalo nje
@gustavoafrika4010
@gustavoafrika4010 2 жыл бұрын
😂🤣🤣😂 Inqino yomuntu osebenza redweni
@vukanibuthelezi2210
@vukanibuthelezi2210 5 жыл бұрын
idlalwa kanje intambo
@lungasosibo142
@lungasosibo142 6 жыл бұрын
Thisha weNtambo 😍😍😍
@jabulanidlamini6737
@jabulanidlamini6737 9 жыл бұрын
aw ngiyayisaba igxobanyawo madoda.
@zamajokomakhoba4592
@zamajokomakhoba4592 9 жыл бұрын
Jaiva zimnike nqino ay kumnand la woza gud fulayideyi
@noluthandonoluthan9986
@noluthandonoluthan9986 5 жыл бұрын
Thwalani
@ntombiziyamfisamalahle3735
@ntombiziyamfisamalahle3735 5 жыл бұрын
Up thisha wentambo
@phumelelezikhalie
@phumelelezikhalie 4 жыл бұрын
🔥🔥😫❤️
@vukanibuthelezi2210
@vukanibuthelezi2210 5 жыл бұрын
ha ha ha ngiga uyabhekha
@maweewillard5518
@maweewillard5518 7 жыл бұрын
Awu suka madoda ngiyazithanda lezinsizwa
@sboneloeric2929
@sboneloeric2929 7 жыл бұрын
ngyakuvuma mfokakhanyeza winkunzi
@bongabiyela2760
@bongabiyela2760 6 жыл бұрын
ayishe bafana base nquthu vele ingom eyakhon kuleya ndawo
@ntuthukokhanyile7592
@ntuthukokhanyile7592 9 жыл бұрын
Iphekiwe lenkabi enguMzo suuuuuuukaaaaaaaaa
@nqubekomathenjwa2508
@nqubekomathenjwa2508 7 жыл бұрын
awu madoda khuphuka lapho jaiva
@mafeshionngcobokwanongomae8312
@mafeshionngcobokwanongomae8312 9 жыл бұрын
DLALA MFOKA MISS.....#TAG IY'TULI EMVA KWEBHASI
@ayandathuthukani4615
@ayandathuthukani4615 9 жыл бұрын
hahahahhahahahhahaaaaaa.....uthi uMzo akhekho umuntu ongahluhlwa umthakath' akhelenelaye, ithi iNginga "njengaloya nje......"
@gcinukwazizwezwe8894
@gcinukwazizwezwe8894 5 жыл бұрын
eiii yaymnandi ngampela le cd bafwe2
@mhlanganomedia5628
@mhlanganomedia5628 4 жыл бұрын
yaz lento yama promo iqale le,ngabe nginamanga?
@nokuthulagcwensa2916
@nokuthulagcwensa2916 6 жыл бұрын
KHUPHUKA MAJAIVANE LAPHO ENTANJENI UWUTALAGU NGEKE UFICWE
@thabangmolefe1219
@thabangmolefe1219 9 жыл бұрын
yho ngyayvuma le nsizwa
@mphilisenisithole1508
@mphilisenisithole1508 9 жыл бұрын
Ngejabula ukubona izinsizwa zangakithi eMsamo phansi kweMbilane, isandla sedlula ikhanda kuwe mfokaHlomuka sengathi ungasifakela nale video yamhla bedlala ku-UGUBHU LWAMI uma ikhona nsizwa, ngale kwalokho ngibafisela okuhle kodwa abafowethu. SingabaseMsamo thina kujabula abasithandayo
@lindanilindani5833
@lindanilindani5833 4 жыл бұрын
Khuphuk ngiga mfoka makhalbhothi
@cedricndlela260
@cedricndlela260 5 жыл бұрын
Dlala Majaivane Mfana we Bhova....... ishaye leyo 12 xtring guitar...... ngiyazifela nge sound ye 12 string....
@bongukwandazikode8346
@bongukwandazikode8346 5 жыл бұрын
Isxuku samalasta
@kissweqabasthelo2032
@kissweqabasthelo2032 5 жыл бұрын
Senishuka kakhulu manje
@sondohtopicmaganga8178
@sondohtopicmaganga8178 9 жыл бұрын
dlala mfoka miss
@georgebuthelezi8057
@georgebuthelezi8057 5 жыл бұрын
Wena Jaiva uyakuhlula uMntuyenziwa ngesginci
@mthokobrain7237
@mthokobrain7237 7 жыл бұрын
niphiwe lento mf2
JAIVA ZIMNIKE ft AMA AK47 FULL VIDEO 2016
1:08:16
Bhinca Nation
Рет қаралды 125 М.
Mthandeni's outline 2
5:30
Ndo Media Productions
Рет қаралды 98 М.
Alat yang Membersihkan Kaki dalam Hitungan Detik 🦶🫧
00:24
Poly Holy Yow Indonesia
Рет қаралды 11 МЛН
Новый уровень твоей сосиски
00:33
Кушать Хочу
Рет қаралды 2,6 МЛН
Former Manu Samoa U20s Coach - Galumalemana Rudolf Moors
54:15
Radio Samoa
Рет қаралды 10 М.
Kahle kahle uShwi okufuze kube uyena inkosi kamaskandi
7:17
SUKUNGEKHO MEDIA
Рет қаралды 74 М.
Abaculi bakaMaskandi bevakashele uNjoko
38:38
Indlamlenze TV
Рет қаралды 110 М.
AMAGEZA AMAHLE UBUYILE UDIONA
6:14
lindani linda
Рет қаралды 136 М.
ABANGANI BAKHE 2020 CD PROMO
5:24
Ndo Media Productions
Рет қаралды 66 М.
Shabalala Rhythm ft  Oliver Mtukudzi - Siyana naye
4:46
dedicatedpics
Рет қаралды 1,3 МЛН
Jaiva Zimnike uthi uyena Inkosi kaMaskandi, Wakhumbula noMjk'jelwa ngezingoma zakhe.
9:36