Рет қаралды 10,322
Inkantolo yemantshi yase Randburg ilalele isigcawu sesicelo sebheyili sowayengumsakazi uNgizwe Mchunu, Umchunu wazinikela emaphoyiseni ngesonto eledlule kulandela ukuphuma kwencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. Khathi evela enkantolo okokuqala ngesonto eledlule inkantolo yamenqabela ibheyili ngelithi kungenzeka abaleke kulelizwe njengoba akwazi ukubaleka eGateng ngebhanoyi aliqasha ngasese emva kokuzwa ukuthi uthungathwa amaphoyisa.
Ukuthola ezinye izindaba, vakashela i-sabcnews.com kanye ne #SABCNews #SABCIzindaba #COVID19News kuSocial Media.