Рет қаралды 10
Siyi Frame Up Now. Uphiko lwethu lwemiklamo lukhiqiza amafulemu akhiwe ngobunyoninco abuye aziwe ngezinhlaka zobuxhakaxhaka obulungele izakhiwo ezinkulu nezincane okungamakhaya izitolo emagalaji kanye nezinqolobane.
Uphiko lwethu lwemiklamo olubhekelele abathengi luyakwazi ukuthi lukhiqize noma luklame lulandela imibandela yakho kuphume ipulani nohlaka olusetshenziwe olwakhiwe ngensimbi eqinile engagobi.
Siqala sisebenze ngemumva kokuthola imiyalelo yakho okuyiyo eba wumhlahlandlela ekutheni udinga umkhiqizo okanjani. Kuba kuwe ukuthi usinikeza imiyalelo nje ekahle ebhalwe ku-napkin noma kube yiplani enemicikilisho ejulile njengemidwebo ye-Auto CAD.
Ukukwenzela kube lula umklamo kuwe sikunika i-napkin yokubhala noma incwajana ozodweba noma incwajana ozobhala ususela kuyo.
Thola incwajana ku-internet usebenzise yona ukubhala imiyalelo yakho eskhudleni sokubhala ku-napkin, bese siyakwazi ukuqhubeka nokwenza umsebenzi wakho.